Sitholakele isidumbu soweMK

2013-01-15 10:04
Yabelani Shicilela

Durban - Sigcine sitholakele isidumbu somholi weMK Veterans nowaduka ngesikhathi ebhukuda nabangani bakhe eNanda Dam, KwaZulu-Natal, ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule, kubika iThe Mercury ngoLwesibili.

Isidumbu sikaSihlalo wesifunda kuMkhonto weSizwe Military Veterans Association, uNduduzo "Sticks" Mdletshe, 40, sitholwe ngoMsombuluko.

UMdletshe kuthiwa wagwiliza ngesikhathi engcebeleka ngesikebhe nabangani ngoJanuwari.

UMdletshe waba sematheni nyakenye ngesikhathi elala phansi emgwaqeni ongenela emzini kaMengameli Jacob Zuma nalapho umholi weDA uHelen Zille efuna ukuyowuhlola.

UColonel Vincent Mdunge ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa angabatshuzi athole isidumbu sikaMdletshe maphakathi naleli damu.

Kuvulwe icala ngokufa komuntu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...