Sitholakele isidumbu sentombazanyana
2013-01-16 10:01
Cape Town - Isidumbu sentombazanyane, 5, eyaduka ngoKhisimusi sitholakale emjondolo oseKhayelitsha, eKapa, ngokulandisa kombiko ngoLwesithathu.
Iphephandaba iDaily Voice ibike ukuthi uLilitha Mgwebi wanyamalala ekhaya lakhe edlala nabangani bakhe eGreenpoint.
Isidumbu sakhe esinqunu sitholakale embhedeni osemjondolo eKhayelitsha ngoLwesibili ngesikhathi umnikazi womjondolo ebuya emaholidini.
Umama wengane, u-Abongile, 28, uthi bese belahlekelwe yithemba lokuthola le ngane.
"Angikwazanga ukuthi ngiye kobona ingane yami ikulesiya simo ebikusona," esho.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uCaptain Frederick van Wyk
uthe bathungatha lowo obegadiswe umuzi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA