Sisalokhu sisekhefini isikhulu soMnyango wezokuXhumana
2013-02-15 16:43
Johannesburg - Umqondisi Jikelele eMnyangweni wezokuXhumana uRosey Sekese, usalokhu esekhefini eliyisipesheli, kusho umbiko woMnyango ngoLwesihlanu.
"Udaba lomqondisi, wudaba lwangaphakathi, uGift Buthelezi uzoqhubeka nomsebenzi wokuba yibamba njengoba uSekese esasekhefini," kusho okhulumela uMnyango uSiyabulela Qoza.
USekese wayiswa elivini kusukela ngoJanuwari, ngalesi sikhathi uMnyango awukhiphanga mininingwano.
Oseqenjini leDemocratic Alliance uMarian Shinn, wathi uSekese wamiswa kulandela ukuthi edukise ikomidi loMnyango ngenkothileka yokusebenza kwakhe.
UShinn wathi uMnyango unesikhathi eside ungahambisi izinto ngendlela, wathi uhlala njalo ushintsha abaphathi nokwenza kungasebenzeki ngendlela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).