Siphelile isithwathwa: Izangoma zezulu

2011-07-27 09:38

Johannesburg - Izangoma zezulu zithi sekuphelile ukuwa kwesithwathwa nokuholele ekuvalweni kwemigwaqo emikhulu kuleli njengoba kulindeleke ukuthi izulu liphenye kungekudala.

"Kuphele izolo ebusuku ukuwa kweqhwa," kusho isangoma sezulu seSA Weather Service, uPuseletso Mofokeng ngoLwesithathu.

UMofokeng uthe kungalindeleka izimvula ogwini oluKwaZulu-Natal phakathi kweTheku neKosi Bay ngoLwesithathu ekuseni, kodwa lizoqala liphenye emini.

"Ngeke linethe ezingxenyeni eziningi zakuleli."

ELesotho kusazobanda kodwa akulindelekanga kuwa kwesithwathwa.

"Emini ngoLwesine kungase kube nomoya obandayo ohelezayo eWestern Cape nasezingxenyeni eziseningizimu yeNorthern Cape," kusho uMofokeng.

Kodwa abantu kumele bazilungiselele impelasonto ebandayo kulona lonke leli.

- “Like” ikhasi lethu ku-Facebook ukuze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho

- Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C Showers early. Morning clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers early. Partly cloudy. Mild. PE: 18-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...