Sinokungabaza ngesidumbu esanikwa sona - Umndeni

2015-02-20 14:31

Johannesburg – Umndeni wesisulu esashona ngesikhathi kuwa isakhiwo sesonto eNigeria usubekele uhulumeni umnqamulajuqu wokuba bavunyelwe ukuba benze ulibofuzo uma kungenjalo bazoya enkantolo.

Encwadini ebhalelwe umqondisi jikelele wezempilo uMalebona Matsoso, uLwandle Mkhulisi ucele uhulumeni ukuba abanikeze igunya lokuhlola isidumbu abanikezwa sona emasontweni amabili edlule sikadadewabo, uPatricia Mkhulisi.

UMatsoso ubekelwe kuze kuphele olwangoLwesihlanu ukuba aphendule, uma kungenjalo umndeni uzonikela enkantolo.

Funda nalolu daba:  I-ANC inyomfe izinhlelo zikaZille eW Cape.

Isidumbu sikadadewabo kaMkhulisi sasiphakathi kwezingu-11 ezisanda kubuyiselwa kuleli kulandela ukubambezeleka.

Nakuba imindeni yadonswa ngendlebe ukuba ingazivuli izidumbu ngoba ingase ithole i-Ebola, umndeni kaMkhulisi ukushaya indiva lokho, uthi ufuna ubufakazi bokuthi lesi sidumbu ngesabo yini ngoba banokungabaza.

Okhulumela uhulumeni uPhumla Williams akatholakalanga ukuba aphawule ngoLwesihlanu ekuseni, kubika iThe Star.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...