Siningi isimame esibulawa ngophathina baso - SAIRR
2013-02-18 10:07
Johannesburg - Izibalo ezidedelwe ngabakwaSouth African Institute of Race Relations (SAIRR) zithi okungenani bangu-2488 abantu besifazane baseNingizimu Afrika ababulewe eminyakeni eyisithupha eyedlule, ziqhubeke zithi okungenani bayisikhombisa ababulawayo njalo ngosuku.
Ngokusho kokhulumela abakwa-SAIRR uLerato Moloi uthe: "Liyehla kancane izinga lezehlakalo zalolu hlobo. Uma ubheka ngo-2007 kwabulawa abesifazane abangu-2602, kwathi ngo-2012 kwabulawa kuphela abangu-2286."
UMoloi uthi lezi zehlakalo zihlanganisa lezo zokudlwengulwa nokushaywa kwabesifazane, wathi balinganiselwa ku-200 000 abesifazane abavula amacala njalo ngonyaka.
Ucwaningo olwenziwe ngabakwaMedical Research Council, ngo-Agasti luthi abantu abaningi besifazane ababulawayo babulawa ngabantu abasuke bethandana nabo.
Lolu hlobo lokubulala kuthiwa yilo oluthatha kakhulu izimpilo zabantu besifazane kuleli.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).