Singasebenzisana noRamphele - Lekota

2013-02-15 14:01

Parliament - Kungase kube yinto engenzeka ukuthi sisebenzisane nosomabhizinisi uMamphela Ramphele uma engangena kwezombusazwe, kusho umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota ngoLwesihlanu.

"Ngicabanga ukuthi singakwazi ukusebenzisana noRamphele uma esecacisile ukuthi iyiphi indlela azoyithatha, nokuthi izosiza kanjani ekuqiniseni amaqembu aphikisayo," esho esithangamini sabezindaba ebesihlelwe ngamaqembu aphikisayo ePhalamende.

Amaqembu akhona bekuyi-African Christian Democratic Party, Azanian People's Organisation, Congress of the People, Democratic Alliance, Inkatha Freedom Party, Freedom Front Plus, United Christian Democratic Party, ne-United Democratic Movement.

URamphele wasula njengoSihlalo weGold Fields ngasekuqaleni kwesonto, ebeka isizathu sokuthi "uyoqhuba imisebenzi yokuthuthukisa umphakathi angene nakwezombusazwe".

URamphele kulindeleke ukuthi abambe isithangami sabezindaba ngoMsombuluko "ukucacisa ngezinhlelo zakhe zepolitiki".



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...