Singase sivalwe isibhedlela saseThekwini

2013-01-17 14:07

Durban - Izinhlelo zikhomba ukuthi singase sivalwe isibhedlela saseThekwini esihaqwe yizinkinga, i-Addington, ukuze sizolungiswa kuqalwe kabusha nohlelo lokusebenza, kubika iThe Mercury.

Kuleli sonto, amawadi amane namagumbi okuhlinzela iziguli avaliwe kwathi iziguli ebezikuwona zayiswa kwezinye izindawo ngesikhathi kuma ukusebenza kwemishini ebandisa noma ifudumeze umoya kulesi sibhedlela esinemibhede engu-524.

Lowo oyiNhloko yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongile Zungu ngoLwesithathu uthe: “Kungaba ngumqondo omuhle ukuthi sivele sivalwe sonke isibhedlela. Kusezinhlelweni zethu lokho ngenxa yokuthi sizama ukusombulula izinkinga ze-Addington.”

Ube esexwayisa ngokuthi lesi sinyathelo singase sibeke engcupheni isibhedlela esisodwa kwezimbili ezintsha esifundazweni - iDr Pixley ka Seme KwaMashu noma iJohn Dube Hospital eNanda.

Lokhu kusho ukuthi imali yesinye salezi zibhedlela iye ekulungisweni kwe-Addington.


Abe-IFP bakhala ngokuthi imali efakwa kulesi sibhedlela iphelela emoyeni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...