Simichithile isicelo umlimi waseZim
2011-04-04 17:04
Johannesburg - INkantolo ekulu yamaJaji ngoMsombuluko isichithile isicelo ebesifakwe usomabhizinisi waseFree State, uCrawford von Abo, nobefuna ukunxeshezelwa uhulumeni wakuleli ngamapulazi amulahlekela eZimbabwe.
Izindaba zesiteshi somsakazo sakwa-SABC sibike ukutho le nkantolo isishayel indiva isinqumo seNkantolo ePhakeme nesakhipha ukuthi uhulumeni ukhokhele uVon Abo ngomhlaba owamulahlekela ngesikhathi kusatshalaliswa kabusha umhlaba eZimbabwe.
Lokhu kulandela ukuthi uhulumeni wakuleli wahluleka ukumvikela.
Le nkantolo ihlaluke ukuthi yize uhulumeni wakuleli ungalusingathanga ngendlela lolu daba, kodwa lokho akumniki igunya lokuthi anxeshezelwe ngemali uVon Abo.
UVon Abo wayenamapulazi eZimbabwe isikhathi esingangeminyaka engu-50, kodwa wasala engenayo ngisho indibilishi ngesikhathi kuphucwa abalimi abamhlophe amapulazi, nalapho alahlekelwa angu-14.
- SAPA