'Sikhombiseni izingane zethu noma zishonile'

2013-02-13 14:03

Johannesburg - Abazali u-Odwa Mazomba nentombi yakhe uFezeka Pheko, abazi noma zishone ngempela yini izingane zabo, njengoba kusho isibhedlela ekubeni bona bengakaze bazibone.

UFezeka Pheko, 23, waseDuncan Village, e-East London, wangeniswa eFrere Hospital mhlaka-31 Januwari, ngesikhathi ekhala ngezinhlungu.

Ngalesi sikhathi, lona ubenezinyanga eziyisikhombisa ezithwele, utshele iphephendaba iDaily Sun, wathi wagodukiswa enikwe amaphilisi ezinhlungu.

Mhla zimbili enyangeni, uPheko wabuyela esibhedlela esabanjwe yizinhlungu, uthi wabe esebeletha amawele ngakusasa.

“Umbelethisi wangibuza ukuthi ngiyafuna yini ukubamba izingane ngathi ngizobuye ngizibambe, ngangikhathele kakhulu."

Uthi ngokuhamba kwesikhathi amanesi anqaba abone izingane.

“Ngasola okuthile, ngatshela udokotela ukuthi ngifuna ukubona izingane, wathi angeke ngikwazi ngoba zishonile, ngathuka ngoba zaziphila ngesikhathi ngiqeda ukubeletha."

Ubaba wezingane u-Odwa uthe: “Amanesi abekuhlaza futhi engasiniki usizo, sifuna ukubona izingane zethu noma zishonile."

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uSizwe Kupelo, uthi unesi owabelethisa uPheko, uselivini, kuze kuphele inyanga.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...