Sihoxisiwe isikhalazo ngeSABC

2012-11-12 14:02

Johannesburg - Sihoxisiwe isikhalazo ebesifakwe kwaSABC, mayelana nokushaywa ngesithende kosopolotiki abathile, sifakwa ngabakwaFreedom of Expression Institute (FXI), kusho umbiko.

"Izinhlaka zibe nesivumelwano...abakwa-FXI bayasihoxisa isikhalazo sabo," kusho ummeli uNasreen Rajab-Budlender.

Imininingwane ngokuhoxiswa kwesikhalazo, ayibekwanga obala.

Ukulalwelwa kwezimvo bekulindeleke ukuthi kube ngoMsombuluko, abakwaComplaints Compliance Committee (CCC) bekanye nabakwa-Independent Communications Authority of SA (Icasa), yibo ebebezolalela isikhalazo.

Isikhalazo safakwa ngo-2007, kulandela "ukukhishwa inyumbazana" kosopolitiki abathize, ekuthiwa kwakuphasiswe ngowabe eyisikhulu sakwaSABC uSnuki Zikalala.

Kuthiwa uZikalala wayalela abasebenzi ukuthi bangasebenzisani nabahlaziyi abathize, ngenxa yobudlelwano babo nowabe enguMengameli wezwe uThabo Mbeki.

Kwaqokwa ikhomishana eyaphenya ngalokhu kusho kukaRajab-Budlender, ngemuva kombiko wekhomishana, abakwa-FXI bafaka isikhalazo.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...