Sihaqwe yizinambuzane isibhedlela eThekwini

2012-06-01 13:30

Johannesburg - Isibhedlela iKing Edward VIII, eThekwini kuthiwa sibhekene nenkinga yokuhlaselwa yizinambuzane ezihlanganisa amaphela, omiyane, amagundane nokunye okuningi okunwabuzelayo, kubika iphephandaba iMercury.

Iziguli, ikakhulu izingane ezisanda kuzalwa kuthiwa azisalali zihlushwa ngomiyane.

UNgqongqoshe woMnyango uDokotela Sibongiseni Dhlomo utshele iphephendaba wathi isimo asisimbi kakhulu.

“Omiyane badala isidina nje kuphela abasiyo ingozi engadala umalaleveva noma bathuthe izifo."

Omele inhlangano iDemocratic Nursing Organisation of SA, uCassim Lekhoathi, ukuphikisile ukusho kukaDhlomo.

"Omiyane bangadala izifo eziningi.... izingane ikakhulu zisenkingeni."

Amanzi angcolile kanjalo ne-swimming pool endala engasasetshenziswa kuthiwa yikona okudala lezi zinkinga, okhulumela uMnyango esifundazweni uChris Maxon,  uthi iyalungiswa le nkinga.


  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ugogo usazibambele ematekisini akhe

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...