Sigile izimanga isiboshwa sidabula o-A

2013-01-07 07:16

Johannesburg - Isiboshwa ejele laseThekwini sigile imihlola sidabula o-A abahlanu siphasa umatikuletsheni waso, kusho umbiko wephephandaba langeSonto.

Iphephandaba iSunday Times libike lathi uChris Mazibuko, 23, odonsa ejele laseWestville, uzishaye emakhanda iziboshwa ephasa ngo-79.25%.

UMazibuko ufunde wabhala ukuhlolwa kwakhe engaphakathi ejele.

"Isimo ngaphakathi asisihle. Kubuye kuqubuke izimpi zamaqembu bese kuphazamiseka ukufunda kwethu. Saba nokuphazamiseka ngoJulayi futhi amajele agcwele kakhulu sibuye singakwazi ukufunda ngendlela," kusho uMazibuko.

Iphephandaba lithe zingu-42 iziboshwa ezibhale ukuhlolwa kwazo, kodwa uMazibuko waziqwaqwada emakhanda.

Lona ubhale izifundo ezihlanganisa IsiZulu, English, Life Orientation, Business Studies ne Economics, uthole u-61% kwi-Acounting, wafeyila iMaths, wathola kuyo u-28%.

UMazibuko waboshwa ngonyaka ka-2006, ngesikhathi etholakala ebandakanyeka esehlakalweni sokubamba inkunzi.

Kulindeleke ukuthi adedelwe ngoshwele ngenyanga ezayo.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...