Sifuna ukubuyisa uzinzo - Haffajee
2012-05-28 12:03
Johannesburg - Umhleli weCity Press uFerial Haffajee
uthe impikiswano emayelana nomdwebo kaBrett Murray, iThe Spear, isiphenduke impi, kanti iphephandaba belingahlosile
ukuba yingxenye yempi.
Belifuna ukuba yingxenye yokuthi lenze
ukuthi abantu behlise imimoya.
UHaffajee ukuqinisekisile kwabeSapa ukuthi
lo mdwebo okhombisa isitho sangasese sikaMengameli uJacob Zuma, uzosuswa
ku-website yeCity Press.
"Ngidinga isikhashana nje sokuthi
ngikwenze,” kusho uHaffajee.
Maduzane nje uzobhala ngesinqumo sakhe ku-website.
UHaffajee uphinde watshela umsakazo i-Talk
Radio 702 ukuthi ukhathazekile ngokuphepha kwalabo abadayisa iphephandaba iCity
Press kanye nezintatheli, ngemuva kokuba i-ANC ngeledlule ithe lingathengwa
leli phephandaba.
UHaffajee uthe kushiswe amaphephandaba
ngempelasonto kanti nezintatheli zixoshiwe engqungqutheleni yeNational
Union of Mineworkers.
Utshele iThe Times ukuthi ezinye
zezintatheli zithole ukwesatshiswa ngokubulawa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA