Sichithiwe isicelo ngolukaDalai Lama
2012-02-03 13:17
Cape Town - INkantolo
eNkulu yaseWestern Cape isichithile isicelo esimayelana nokuthi kwakuhambisana
yini noMthethosisekelo ukuba uhulumeni anqabele uDalai Lama i-visa ngonyaka
odlule.
IJaji u-Elizabeth Baartman lisichithile lesi sicelo seNkatha Freedom Party kanye
neCongress of the People.
IDalai Lama yaluhoxisa uhambo lwayo lwaseNingizimu Afrika lokuzobungaza
iminyaka engu-80 yokuzalwa kuka-Emeritus Desmond Tutu ngo-Okthoba 4.
Lo mholi wamaTibet wathi uhoxise uhambo lwakhe ukuze angadaleli uhulumeni
waseNingizimu Afrika ubunzima.
Ukuhluleka kukahulumeni ukunikeza uDalai Lama i-visa, kwakhalisa abaningi,
uTutu waze wathi wayengcono uhulumeni wobandlululo kunokaMengameli Jacob Zuma.
I-IFP neCope bafaka amaphepha esicelo enkantolo enkulu, ukuba ikhiphe umyalo
wokuthi indlela uNgqongqoshe wezaseKhaya uNkosazana Dlamini-Zuma aphathangayo
lolu daba, ayikho semthethweni futhi imuphoqe ukuba esikhathini esizayo isicelo
sikaDalai Lama siphathwe ngendlela efanele.
Umholi we-IFP
uMangosuthu Buthelezi ucele ukuba uDalai Lama amvakashele nonyaka.
–
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
–
Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA