Sibuyiselwe eLesotho isidumbu somfundi owashonela kuleli

2015-07-13 18:38

Durban – Sesihanjiswe ekhaya isidumbu somfundi waseLesotho owashona engozini engaqondakali eThekwini, ngesonto eledlule, kusho inxusa laseLesotho kuleli.

UMaphamotse Lepheana uthe isidumbu sikaMadiehe Letsoela, 16, sihambe nabazali bakhe abatheleke kuleli ngeSonto.

INews24 yabika ukuthi uLetsoela, owayeyingxenye yabafundi abangu-106 ababehambe nesikole iMolapo High School, washona ngemuva kokuthi ikhanda lakhe lishayise ibhodi elaligxunyekwe esigxotsheni emgwaqeni omncane uDick King Street, enkabeni yeTheku.

OLUNYE UDABA: Kushone umfundi owashaywa wuthisha

Isekela likathishanhloko kulesi sikole uKabelo Maqache watshela iNews24 ukuthi uLetsoela wayelunguze ngewindi lebhasi ngesikhathi ikhanda lakhe lishayiseka esigxotsheni wase eshona ujuqu.

Lezi zingane, ezafika ngeSonto, zazihambele kuleli isonto lonke zizofunda ngokuthile eThekwini, kanti zase ziphindela eLesotho ngesikhathi zehlelwa yilo mshophi.

“Basithathe namhlanje (ngoMsombuluko) isidumbu sikamufi ngemuva kokubuya emakhazeni," kusho uLepheana, enanela ngokuthi akubonile "kunyantisa igazi".

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...