Siboshiwe isangoma ebesimba ithuna
2012-10-05 14:07
Johannesburg - Isangoma nomshayeli waso bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngezinsolo zokumba ithuna emathuneni aseMmabatho, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesihlanu.
"Kutholakale izicubu zomuntu, okusolakala ukuthi ezomuntu oyisishawa owangcwatshwa ngo-2002, ngesikhathi beboshwa," kusho okhulumela amaphoyisa u-Amanda
Funani.
Amaphoyisa aseshe laba bobabili ngesikhathi bebonakala bephuma emathuneni aseMoletsamongwe ngabo-02:30.
NgokukaFunani, leli thuna like lathintwa futhi ngo-2011, kodwa kwangaboshwa muntu.
Lesi sangoma, 54, nomshayeli waso bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMmabatho ngoMsombuluko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA