Sibathukuthelisile isikhangisi esimataniswa no-Oscar
2013-02-19 16:13
Johannesburg - Sisuse umsindo isikhangisi senkampani yomshwalense esikhishwe ephephandabeni iThe Star, sikhangiswa yindoda enqamuke umlenze, safakwa ngaphansi kwesithombe somsolwa okhubazekile u-Oscar Pistorius, obhekene necala lokubulala intombi yakhe.
Abakwa-Outsurance bakhangise ngomshwalense wabakhubazekile, isithombe sendoda engenamlenze safakwa ephephandabeni singaphansi kwesekhanda likaPistorius, naye ongenayo imilenze.
Abantu ababhale kuTwitter bazwakalise ukungasithakaseli lesi sikhangisi.
UMhlangabezi Songwevu ubhale wathi: "Aninamahloni Outsurance, kuyanyayisa lokhu, akunambitheki neze"
Inkampani ibhale isixoliso ithi ibingaqondile ukuphatha kambi abantu, kodwa lokho akuyisizanga.
Abantu baqhubekile nokuyihlasela.
UBernard Bergstedt uthe: "Angiyingeni eyalesi sixoliso, kungani nifake isikhangisi ngelanga u-Oscar aya ngalo enkantolo.Nikucabangisisile lokhu"
Isikhangisi sithi : ”Ngabe unomshwalense ofanele ukuthi ungakusiza uma kwenzeka impilo yakho ogiquka esikhaleni?”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).