Sengizoziphatha kahle manje - Malema
2012-11-02 10:33
Johannesburg - Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema ubeyingxenye yokusayinwa kwesivumelwano ngaphandle kwenkantolo mayelana neculo elithi "Dubula iBhunu", kusho umbiko ngoLwesihlanu.
Iphephandaba iThe Star libike ukuthi uMalema ukuqinisekisile ngoLwesine ukuthi ngeke aphinde acule leli culo elivusa uhlevane.
"Yebo, bengiyingxenye yesivumelwano, yize ngizobe ngiqhubeka nengikholelwa kukho kodwa futhi kumele ngiqikelele ukuthi angizwisi muntu ubuhlungu," esho.
Uthe akukho okutheni okuhlukile kulokhu abekusayina kunalokho ababevele bevumelene ngakho.
NgoLwesithathu, ummeli we-ANC uLeslie Mkhabela uthe lesi sivumelwano sisayinwe yi-AfriForum, i-ANC neTransvaal
Agricultural Union (Tau SA) ngoLwesibili ebusuku.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA