Sengathi angadedelwa uPistorius - Umqeqeshi

2013-02-22 12:04

Pretoria - Umqeqeshi womsubathi wakuleli okhubazekile u-Oscar Pistorius uhlalele ethembeni lokuthi lo mgijimi wama-Olympic anganikezwa ibheyili ngoLwesihlanu.

"Sibona kukuhle ukuthi iqiniso lihlale obala kanti singathanda ukuthi abuyele ekhaya," kusho u-Ampie Louw, ngaphambi kokuqhubeka kwesicelo sebheyili kaPistorius eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

"Okwamanje yilokho okuseqhulwini," esho.

Akakwazanga ukuphawula ngokuthi ngabe uPistorius uqhuba kanjani njengoba engakaze amvakashele, embona enkantolo kuphela.

UPistorius usolwa ngokubulala intombi yakhe, uReeva Steenkamp, ngoFebhuwari 14 emzini wakhe.

UPistorius uyaphika ukuthi wamdubula ngamabomu uSteenkamp, njengoba ethi wayecabanga ukuthi yisigebengu.

Ebuzwa ngokuthi umbona enjani uPistorius, uLouw uthe: "Udangele, udangele kakhulu."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izimpawu zokuchithekelwa yisisu

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C a few showers. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...