Selidumela emasumpeni nge-Info Bill

2012-11-27 12:02

Parliment - I-African National Congress ihlanganise isigaba sokugcina somthetho ochitshilelwayo iProtection of State Information Bill, yize noma abeshoda amaqembu aphikisayo ePhalamende.

Amaqembu ayisishiyagalombili asekomidini elibhekele lo msebenzi, avotile ephasisa isigaba sokugcina esidluliselwe kwabeNational Council of Provinces.

"Sekuphelile. Siyajabula ukuthi sesihambe ukhalo olungaka," kusho isazi somthetho uSam Mazosiwe.

Umbiko ohlanganisiwe uhlanganisa imibono yamaqembu aphikisayo, abeDemocratic Alliance neCongress of the People banqabile ukuvota, bethi umqulu baziswe ngawo umhlangano usuphakathi.

"Sitshelwe ngalo mbiko ngempelasonto, kungasasele sikhathi kuqale umhlangano," kusho u-Alf Lees, weDA.

Uthe akubanga lula ukuthi bawufundisise bawuqonde ngoba besingekho isikhathi, uthe ngenxa yesikhathi bebengeke babone noma imibono abayibeka ibhalwe ngokuyikho yini.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...