Selidumela emasumpeni kwababulala izingane
2012-09-25 14:03
Johannesburg - Akusensuku zatshwala zibakhalele abasolwa ngokubulala izingane ezintathu ezabulawa eMookgopong, ngaseModimolle, eLimpopo kusho wona amaphoyisa ngoLwesibili.
"Uphenyo lwamaphoyisa luza kahle. Sizama ukuhlanganisa bonke ubufakazi bese kuboshwa abantu," kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
Izelamani uBafana Kekana, 9, noHosea Richard Kekana,
10, kanye nomzala wabo uJohana Kekana, 12, batholaka beshonile eMookgopong, mhlaka-18 Agasti.
Bonke babekhandwe ngamatshe babulawa, izidumbu zabo zazigcwele igazi zimbozwe ngengubo yokulala, bebulawa babesagqoke imifaniswano yesikole.
Ingane yentombazane yadlwengulwa ngaphambi kokuthi ibulawe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA