Sekuyachwaza ngeMandela Day

2012-07-17 12:03

Durban - IKwaZulu-Natal izobe iphansi phezulu ngemisebenzi yokunikela ngesikhathi sayo njengengxenye yemigubho yeMandela Day yokunikela imizuzu engu-67 ekwenzeni okuhle.

UNelson Mandela nowayengumengameli kuleli uzobe eqeda iminyaka engu-94 azalwa, kanti ukuhlonipha lolu suku amabhizinisi, izikole, izinhlaka zikahulumeni kanjalo nezinhlangano ezinikela ngosizo bazobe belula isandla kulabo abaswele emiphakathini.

UMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko uzohlanganisa amavolontiya azolungisa isikole i-JL Dube Secondary.

Bazobe belungisa amawindi nezicabha okuphukile, bependa, betshala izihlahla belungisa namapayipi.

Undunankulu uZweli Mkhize, noMeya yeTheku uJames Nxumalo nabo bazobe beyingxenye yalokhu.

Kuzothi amalungu oMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo wona uhambele eZiphozonke Primary School eMpangeni.

Zingi nje izindawo ezizohanjelwa ngenhloso yokwenza umehluko emphakathini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...