Sekuvalwe imitholampilo eWestern Cape

2013-01-15 16:35
Yabelani Shicilela

Cape Town - Mine imitholampilo ephoqeke ukuthi ivale eDe Doorns, njengoba kuqhubeka isiteleka sabasebenzi basemapulazini eWestern Cape, kusho umbiko wezikhulu zezempilo.

"Angeke sibeke engcupheni izimpilo sabasebenzi bethu, kumele simise ukusebenza emitholampilo,” kusho uNgqongqoshe woMnyango esifundazweni uTheuns Botha.

"Kuyamangaza ukuthi ababhikishi abangabasebenzi basemapulazini bathi balwela amalungelo, ekubeni abakwenzayo ngakolunye uhlangothi kulimaza ilungelo labanye abantu, okuyilungelo lokwelashwa.”

UBotha uthi ziningi izindlela ababhikishi abangenza ngayo, ukuzwakalisa izikhalazo zabo.

Imitholampilo evalile umtholamilo ose-Orchard, Sandhills, De Doorns naseWolseley.

"Kuyadabukisa ukuthi kumele sivale imitholampilo sincishe abantu ilungelo labo le mpilo,” kusho uBotha.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...