Sekutakulwe abanye eThekwini
2012-12-11 12:30
Durban - Abantu abayisishiyagalolunye abahlala emgwaqeni, sebetakuliwe emfuleni odla izindwani uMbilo River, kusho abahambisi bosizo oluphuthumayo.
Abantu laba bebelele ngaphansi kwebhuloho i-M4, kwehla amanzi abakhukhula, kusho okhulumela abakwaNetcare 911, uChris Botha.
Izingane ezintathu zishonile ngesikhathi kuwa imikhukhu iwela kuzo,
njengoba uqhubeka izimvula ezinamandla eThekwini, kusho amaphoyisa
kaMasipala waseThekwini ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa
u-Eugene Msomi uthi inhlekelele lena yenzeke emikhukhiwni yaseBayview,
eChatsworth naseClairmont, ngoMsombuluko ebusuku.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).