Sekushone 2 engozini eThekwini
2013-01-03 11:02
Durban - Abesilisa ababili bashonile ngesikhathi imoto yabo iphuma emgwaqeni idala ingozi ishayisa udonga ku-N2, eThekwini.
Okhulumela abahambisa usizo oluphuthumayo kwa-ER24, uDerrick Banks, uthi abahambisi bosizo bafike abadoda womabili eseshonile.
"Bobabili umshayeli nomgibeli bebevaleleke emotweni sebeshonile.”
Kwesinye isehlakalo esingahlobene nalesi, kushone umuntu waba munye kwalimala abanye abangu-13, ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo kuNasrec Road, eGoli.
Okhulumela umasipala eGoli uRobert Mulaudzi uthi imoto ishayise isihlahla, uthi abanye abagibeli bangeniswe esibhedlela.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).