Sekushiswe ibhungu lesine eGoli

2015-09-17 14:30

Johannesburg – Sekuphinde kwahlaselwa ngesihluku omunye umfana wesine eTwatwa, eGoli lapho kubulawe khona abafana abathathu odlameni lwamaqembu  ezigebengu kuleli sonto.

INews24 itshelwe ukuthi umfana oneminyaka engu-17 ubudala ushiswe ngezithuba zasemini ngoLwesine eTwatwa e-Extension 8.

Kukholakala ukuthi ugaxwe ithayi lemoto washiswa, kuqinisekisa amaphoyisa.

Funda nalolu daba: U-Oscar akasenayo imali yokukhokhela abameli

NgeSonto, kushiswe umfana wokuqala, ngemuva kwalokho kwashiswa amawele ngoLwesibili.

Izakhamuzi zitshele iNews24 ukuthi lokhu kuhlobene nodlame lwamaqembu ezigebengu.

Umndnei wesisulu sesine sukuqinisekisile ukuthi isisulu sishisiwe kodwa wathi siyaphila.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...