Sekuhanjiswa izincwadi zangonyaka ozayo - Umbiko

2012-11-08 16:22

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uthe seluqalile uhlelo lokuhanjiswa kwezincwadi zokufunda zangonyaka ozayo, eLimpopo.

UMotshekga uhambele isikhungo esisePolokwane, la khona kuhlelwa izincwadi ngaphambi kokuthi zisatshalaliswe, kubika i-Eyewitness News.

Ngasekuqaleni konyaka ka-2012, inhlangano iSection 27 yaya enkantolo iyicela ukuthi iphoqe uMnyango ukuthi uhambise izincwadi ezikoleni eziningi zaseLimpopo, ezabe zngakahanjiselwa.

Izikole eziningi zaze zathola izincwadi ngenyanga kaJulayi.

UMotshekga uthi unamathemba amakhulu okuthi izinto zizohamba kahle, kuze kuzogwenywa inhlekelele ebonakale ngo-2012.

“Ukuhanjiswa kwezincwadi kuqalile namhlanje (Lwesine). Kuzohanjiselwa izikole ezingu-200, kulindeleke ukuthi umsebenzi wonke uphothulwe ekupheleni kukaNovemba.”

UMnyango uqoke inkampani yabathutha impahla i-UTI Couriers, ukuthi kube yiyo ebhekela wonke lo msebenzi, ungqongqoshe uthe uMnyango wakhe uzosabalalisa izincwadi ezevile ku-5.5 million.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...