Sehlile isibalo sokubulawa kwamaphoyisa: SAIRR

2011-08-03 16:27

Johannesburg - Isikhungo iSA Institute of Race Relations (SAIRR) sithi sehle ngo-61.9% isibalo sokubulawa kwamaphoyisa kusukela ngonyaka ka-1994.

"Sehle kakhulu isibalo sokubulawa kwamaphoyisa kuleli," kusho iSAIRR esitatimendeni.

"Lokhu kuyaphikisana kakhulu nemibiko yamasonto edlule okuthi linyuka ngesivinini izinga lokubulawa kwamaphoyisa kuleli."

Limi ku-58 inani lamaphoyisa asebulewe kuleli kusukela ngoJanuwari walo nyaka.

Kudutshulwe kwabulawa ukaputeni wamaphoyisa kwathi umkhuzi wawo walimala kabi ngesikhathi umabhalane wamaphoyisa evulela ngenhlamvu esiteshini samaphoyisa eRosebank, eGoli ngoMsombuluko.

Lo mabhalane ube esebhekisa izibhamu ngakuyena, ezibulala.

ISAIRR ibike ukuthi angu-265 amaphoyisa abulawa ngo-1994. Leli nani lahlala ngaphezu kuka-200 njengoba lize lehla ngeminyaka yawo-2000.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 18-22°C Showers early. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...