Sebezobanjwa kalula othisha abalovayo

2013-02-14 14:02

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo emazingeni ayisiSekelo, uhlela ukusebenzisa isamba esingu-R480 million, kuze kuzofakwa iwashi elinobuchwepheshe elizokwazi ukuqopha ngqo isikhathi othisha abangena ngaso emsebenzini.

Uhlelo lolu luzoqala ezikoleni ezingu-24 000, kanti kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi othisha bangena ngesikhathi esikoleni baphinde bahlale isikhathi esifanelekile, kusho uNgqongqoshe woMnyango u-Angie Motshekga.

Uhlelo lumenyezelwe ngesonto eledlule, ngesikhathi ungqongqoshe ehambele esikoleni samabanga aphansi iPholoshong Primary School, KwaZulu-Natal.

Umkhulumeli kangqongqoshe uPanyaza Lesufi uthi uhlelo obelusetshenziswa, oluthi othisha kumele basayine, angeke lusasebenza.

"Kunezehlakalo la khona othisha besayinelwa ngabanye uma bengafikanga emsebenzini kokunye bakutshele ukuthi bayakhohlwa wukusayina."

Uhlelo olusha luzodinga ukuthi othisha basebenzise iminwe uma bengena noma bephuma esikoleni, kuze umshini uzokwazi ukubafunda.

ULesufi uthi bazobanjelwa imali othisha abazolova bengachazanga izizathu ezizwakalayo ngokulova kwabo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...