Sebezitholele ithoyizi kuCele - Umbiko

2012-03-26 09:57

Johannesburg - Lowo okhulumela uKhomishana wamaPhoyisa osamisiwe uBheki Cele useshiye angalazi kuSunday Times ngombiko walo wokuthi uCele wasayina ithenda ka-R26m yeNdebe yoMhlaba engaqondakali.

"Kungani kumele kube nguCele umuntu omubi lana, yiSunday Times kuphela eyaziyo," kusho uVuyo Mkhize esitatimendeni emele uCele.

"ISunday Times ikhethe ukubhekisa izibhamu zayo zokuchema ngakuCele njengenjwayelo."

Uthe uCele usephenduke "ithoyizi" laleli phephandaba.

Leli phephandaba libike ukuthi inkontileka eyanikezwa uThoshan Panday, nongumnikazi weGoldcoast Trading, ayizange ikhangiswe njengethenda.

Le thenda kwakungeyokuhlinzeka amaphoyisa angu-1 280 ngendawo yokuhlala ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010.

Leli phephandaba liphinde laveza nokuthi amaphoyisa amathathu asezikhundleni eziphezulu anikezwa izipho nguPanday, ezicabela indlela ukuze athole leli thenda.

UMkhize akazange aziqinisekise noma aziphike lezi zinsolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...