Sebelinde usuku lwenkomfa eMangaung

2012-12-14 16:27

Bloemfontein - Sekusele izinsuku ezimbili kuphela kubanjwe inkomfa enkulukazi yeqembu elibusayo eMangaung, eBloemfontein.

Izikhulu zeqembu zithi konke sekumi ngomumo ukuthi kubanje le nkomfa ezobanjelwa e-University of the Free State.

Kubonakale isibalo esiphezulu samaphoyisa kanye nabezindaba, njengoba sekulungiswa izintwana nje ezingatheni, ngaphambi kokuthi kuqale inkomfa yokuqokwa kobuholi.

Izikhafula ziphephezela alafulegi anobuso bomengameli be- African National Congress, baphambilini.

Zilinganiselwa ku-6000 izithunywa ezilindelekile, ngaphakathi ehholo kuhlotshiswe ngemibala yeqembu, okungumbala omhlophe, okuhlaza, oyigolide nomnyama.

Kulindeleke ukuthi ngeSonto uMengameli uJacob Zuma noNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe, bakhulume nezihambeli etendeni eligxunyekiwe.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...