Sebelala obenyoni ababulawelwe umngani

2012-09-03 10:04

Durban - Abangani bowesifazane obethandana nabobulili obufanayo obulewe waphinde wadlwengulwa eNanda, enyakatho neTheku, bathuka izanya kulandela lesi sigameko, kubika iThe Mercury ngoMsombuluko.

UMandisa Mbambo, 25, watholakala eshonile isidumbu sakhe sinqunu ngempelasonto eyedlule, eshayiwe wagwazwa.

Kukholakala ukuthi wadlwengulwa.

Abangani bakaMbambo abebekhuluma emngcwabeni wakhe ngeSonto bazwakalise ukuthi basabela ukuthi kungase kwenzeke okufanayo kubo.

"Sesisaba ngisho ukuhamba emgwaqeni ngenxa yento eyenzeke kuMandisa. Kumele sihambe kule ndawo ngoba kuyacaca ukuthi asisaphephile," kusho uNozi Ndlovu, nocashunwe yileli phephandaba.

Kuboshwe abantu abane mayelana nalesi sigameko kanti kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...