'Sathenjiswa kathathu ukukhululwa'
2012-06-27 10:03
Johannesburg - UDeborah Calitz noBruno Pelizzari, nababethunjwe yizigelekeqe sasolwandle eSomalia, bathi bathenjiswa kwaze kwaba kathathu ukudedelwa ngaphambi kokuthi bakhululwe, ngokusho kombiko ngoLwesithathu.
"Babesiphatha kahle uma sekusondele isikhathi sokuthi 'sidedelwe'," kusho uPelizzari etshela isiteshi somsakazo i-East Coast
Radio.
"Bese kwenzeke kathathu nokudale ukuthi singasathemba ukuthi sophinde sidedelwe."
"Ngesikhathi sesidedelwa bese singasathembi lutho. Size sakholwa ukuthi siyahamba ngesikhathi sesigibela ibhanoyi."
UCalitz noPelizzari bathunjwa ngo-Okthoba 2010.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA