'Sasingeke siqambe amanga isiguli'

2013-02-14 12:02

Bloemfontein – Umyeni wenkosikazi eyayigulela ukufa eyathi yadlwengulwa, uthe ngoLwesithathu udumele ngesinqumo sokuthi unesi wesilisa utholakale engenacala.

UDirk Lombard, obengekho enkantolo ngoLwesithathu ngenxa yomsebenzi, uthe uyajabula kodwa ngoba unkosikazi wakhe akasekho emhlabeni ngoba ubezobona umsolwa esekhululiwe, kubike iVolksblad.

UMagda Lombard, 51, wabulawa yisifo somdlavuza ngemuva kwenyanga ebike ukuthi udlwenguliwe.

Umyeni wakhe uthe wayengeke aqambe amanga ngokuthi udlwenguliwe.

Kodwa iNkantolo eNkulu yaseFree State ithole ukuthi abukho ubufakazi obubambekayo bokuthi ngempela uMichael Moema, 33 walenza leli cala.

"Lapho akhona manje, uhleli ngokuthula. Owamdlwengula ngeke adlule eNkosini. Ezulwini uzojeziswa,” kusho uLombard.

Khonamanjalo, uMoema  yena uthe uyajabula ngokutholakala emsulwa.

Ngesikhathi kukhishwa isigwebo, abasebenzi basesibhedlela bagcwale intokozo bejabula kukhala namakhwela, ngaleso sikhathi uMoema obegcwele umunyu uvele wazimboza ngesikhathi esephuma.

Ngaphandle kwasenkantolo uthe amacala abethweswe wona abengamanga. Wathi uyajabula ukuthi iqiniso selivelile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...