Samukelwe isigwebo sobehlukumeza izingane

2012-11-29 10:02

Durban - IChildline isamukele isigwebo esinikezwe lowo owayeyiphoyisa laseWestville, nolahlwe yicala lokutholakala nokusabalalisa izithombe zocansi ezibandakanya izingane, kubika iNewswatch.

U-Andre Botha uyalelwe ukuba abhadle ejele iminyaka engu-15.

Inkantolo yaseFree State imugwebe isigwebo seminyaka engu-45 sesihlangene ngemuva kokukhala ngaphansi emacaleni ayisikhombisa.

Ezinye zezigwebo zizohambisana.

Abaseshi bathola indathane yezithombe zocansi ezibandakanya izingane ezisencane ekhompyutheni kaBotha ngaphambi kokuthi aboshwe ngonyaka ofile.

Lesi sigwebo siza njengoba izwe ligubha umkhankaso we-16 Days of Activism for No Violence.

OweChildline, uLinda Naido, uthe bathemba ukuthi lesi sigwebo sizoba yisexwayiso kulabo abahlukumeza izingane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Olwamanqamu ku-Oscar namhlanje

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...