Saba sihle isinqumo sikaMpembe - Ikhomishana

2012-12-13 14:02

Rustenburg - Sabe sifanele isinqumo esathathwa yiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa aseNorth West, uGeneral William Mpembe, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabavukuzi emayini iLonmin, eMarikana.

Lokhu kuvele ngesikhathi kwethulwa ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, ngoLwesine.

Uchwepheshe wezokulawulwa kwabantu uBrigadier Zephania Mkhwanazi, ucelwe ukuthi aphawule ngesinqumo sikaMpembe, sokungasukumeli phezulu ngesikhathi ababhikishi behlomile, mhlaka-13 Agasti.

"Ngingathi wenza kahe kakhulu, ikakhulu uma uqhathanisa amaphoyisa ayekhona nababhikishi ngokunjalo," kusho uMkhwanazi.

Ummeli wamaphoyisa u-Ishmael Semenya utshele ikhomishana wathi uMpembe wayebona ukuthi kukhona amaphoyisa anele, ukuthi angabhekana nababhikishi.

UMkhwanazi uthi kwakumele kuphinde kukhunjulwe ukuthi izimpilo zamaphoyisa zazingase zibe sengcupheni uma kuthathwa izinqumo ezijulile.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-33°C Mostly sunny. Hot.
Jhb: 18-28°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 22-33°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 21-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...