Owezokuvikela ubheka izinyathelo zomthetho

2012-09-13 13:31

Johannesburg - Umbutho wezokuvikela eNingizimu Afrika uzofuna izaluleko zomthetho ngenkulumo kaJulius Malema ayethulele amasosha, kusho i-SANDF ngoLwesine.

"Sifuna ukwazi ukuthi umthetho uthini ngalokhu nokuthi ikuphi esingakwenza. Umhlangano phakathi kwamalungu eSANDF noMalema… sifuna  ukuthola ukuthi uthini umthetho,” kusho uBrigadier General Xolani Mabanga.

"Asicabangi ukuthi noma yiliphi ilungu lomphakathi lingavele likhulume namalungu eSANDF."

UMabanga uthe akwamukelekile futhi ukuthi amalungu eSANDF  ameme umuntu ongekho ezinhlakeni zalo mbutho ukuba azokhuluma nabo.

"Ngisho noma ngabe ubani ongaphendle kombutho wezamasosha noma kukahulumeni waseNingizimu Afrika, akavumelekile. Ngisho ngabe bameme umfundisi, umbhishobhi noma isangoma imbala,” kusho uMabanga.

Uthe uma amalungu eSANDF anezikhalazo kumele asebenzise izinhlaka zangaphakathi zalo mbutho ukuzwakalisa izikhalazo zawo hhayi ukuthi azidlulisele kumuntu wangaphandle njengoMalema.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...