Oweta baseKapa kwelokukhwabanisa

2011-02-04 16:20

Cape Town - Bavele eNkantolo yeMantshi eKapa oweta abane ngamacala ukukhwabanisa ama-credit card kulandela izinsolo zokusebenzisa umshini othize.

Icala labo lihlehliselwe uMsombuluko, nalapho kulindeleke khona ukuthi bafake isicelo sebheyili, kodwa bazogcinwa esitokisini okwamanje.

Imantshi uNasha Barnwari uthe akulungile ukubagcina esitokisini isonto lonke njengoba kuphakamise umshushisi uCassius Klassen.

Abebengaphambi kwenkantolo kubalwa abathathu abangabokudabuka eZimbabwe u-Oswell Mutungira, 35, waseBlaauberg, uLuke Nyabadza, 26, waseSea Point kanye noMarshall Choto, 28, waseMilnerton, kanye nowaseMalawi uGanizani Berlington Kaluwa, 28 waseMaitland.

Ummeli wabasolwa uHoward Andrews uthe la balisa baboshwa ekuseni ngoLwesithathu, endaweni edayisa utshwala abasebenza kuyona.Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant-Colonel Andrè Traut wathi ngesonto eledlule igama lale ndawo iBurg Street.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...