Owesilisa waseMelika uhlaselwe ushaka eMkhomazi

2011-06-28 16:23

Abezimo eziphuthumayo bathi owesilisa waseMelika uhlaselwe ushaka oGwini oluseNingizimu neKwaZulu-Natal ngesikhathi ebhukuda eceleni kwesikebhe sakhe eMkhomazi, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Akukacaci noma bekuyisikhathi lapho bekuphume osayidinsi yini noma cha, kodwa ngokujwayelekile ukuphuma kwabo kuhambisana noshaka kanye nezinye izinhlanzi ezinkulu.

Okhulumela iNetcare911 uChris Botha uthi abezimo eziphuthumayo bazamile ukusiza lo wesilisa, njengoba ethi usesimweni esibucayo okwamanje.

Ngokwezibalo zeKZN Sharks Board, lesi sifundazwe sihlangabezana nalezi zigameko minyaka yonke.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...