Owesilisa uthe abajabulele ukushona kwezingane
2013-02-06 12:02
Johannesburg - Owesilisa abathi unobandlululo uvule amanxeba ngesikhathi ethi abantu ababhiyoze bakhumbule ngesikhathi kuminza izingane ezingu-42 ezingabelungu, ezaminza eminyakeni engu-28 edlule.
Lokhu kuvezwe yiphephandaba iThe Times, ngoLwesithathu.
UZama Khumalo, 24, utshele abangani bakhe abangu-493 ukuthi kumele kosiwe inyama kubongwe ngokushona kwalezi zingane, wathi usuku kumele baluqambe bathi yi"Big Black Braai".
Izingane lezi zashona ngesikhathi ibhasi lesikole ezazihamba ngalo liphonseka edamini iWestdene, eGoli, mhlaka-27 Mashi 1985.
Umcimbi uzokuba nenyama no-DJ ozobe edlala ingoma, kusho isimemo asikhiphele abangani.
Ngokusho kwephephandaba, omunye wezihlobo uKatherine Shaddock, uthukile ngesikhathi ebona lesi simemo.
Lona ungudadewabo kaMary-Ann Miles, owashona kule nhlekelele enza uGrade 11.
UKhumalo ubhale phansi amagama azo zonke izingane ezashona, ekugcineni wathi "kuyabongeka Nkosi yami".
Umkhulumeli weSA Human Rights Commission u-Isaac Mangena utshele iphephandaba wathi bebengakasitholi isikhalazo esibhalwe phansi.
NgoMgqibelo uKhumalo ubhale kuFacebook exolisa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA