Owesilisa ubulawe yisitimela e-E Cape
2012-12-20 12:42
Johannemsbdurg - Kushone indoda ngemuva kokushayiswa yisitimela ku-Algoa Road e-Uitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine.
ULieutenant Colonel Priscilla Naidu uthe umshayeli wesitimela uzamile ukumisa isitimela ngesikhathi ebona umuntu elele kujantshi.
"Umshayeli ufake amabhuleki kodwa isitimela sangakwazi ukuma ngokushesha, sibe sesishayisa le ndoda yafa ujuqu," kusho uNaidu.
Uthe kunemibiko yokuthi uMzwandile Dandashe, 44, ubenesifo sokuwa.
Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA