Owesilisa ubulale ingane nonkosikazi

2014-03-13 12:02

Cape Town - Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala okuthiwa udubule wabulala unkosikazi wakhe kanye nengane eDelft, eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesine.

Umsolwa kuthiwa udubule unkosikazi wakhe oneminyaka engu-34 ubudala kanye nengane enezinyanga ezintathu izelwe ekhaya labo eFafan Street ngoLwesithathu ebusuku, kusho uLiutenant-Colonel Andre Traut.

"Uzinikele yena emaphoyiseni ngemuva kwesehlakalo, wabe eseboshwa," kusho uTraut.

Imbangela yokubulala ayikaziwa kodwa kusolwa ungaboni ngasolinye okube khona phakathi kukamsolwa nonkosikazi.

"kuyaphenywa ngokuthi kahle kahle kwenzekeni,"kusho uTraut.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBellville maduzane.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...