Owesifazane uzame ukulengisa ugogo wakhe

2012-12-11 10:31

Johannesburg - Ugogo waseVosloorus, Ekurhuleni, usinde kukubi umzukulu wakhe ezama ukumbulala ngokumlengisa, kusho iphephandaba iDaily Sun.

Omakhelwane bathi bezwe isililo sikagogo u-Agnes, 60, ekhala ecela usizo.

Bathe uma befika emzini wakhe bamthola elenga ngentambo eqinile, kuthiwa umzukulu ulengise ugogo wakhe oguliswa wumdlavuza, ngoba efuna ukusala nomuzi womxhaso.

“Umama akakwazi ukukhuluma kahle njengoba egula, kodwa ukwazile ukusho ukuthi umzukulu nguye obezama ukumlengisa ngoba efuna ukusala nomuzi womxhaso," kusho indodakazi kagogo.

“Akuqali ukuthi umzukulu akhombise ukungabi nazwelo, njalo uyamhlukumeza umama, amfune ngenkani itayitela lendlu.”

Umbiko uthi lona wesifazane usenyamalele.

“Kuzokwenzekani uma umama ebulawa wukwesaba? Kumele umsolwa atholakale aboshwe,” kubhoka indodakazi.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Solly Phago, wasesiteshini samaphoyisa eVosloorus, uqinisekise ukuvulwa kwecala lokulinyazwa kwempahla nokuhlukumeza.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...