Owesifazane utholwe nezidakamizwa

2012-12-04 10:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Limshonele owesifazane, 36, ngesikhathi eboshwa kulandela ukutholakala nezidakamizwa e-OR Tambo International Airport ephethe i-cocaine engu-2.9 kg, kusho amaphoyisa.

Lo wesifazane waseHungary uboshwe ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokutholakala kwalezi zidakamizwa zifihlwe eziqukathini seziqedaphunga (roll-on), kusho okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uTumi Shai.

"Ubephuma eSao Paulo kanti uke wadlula naseDubai," kusho uShai.

Lo ungowesibili wangaphandle ukuboshwa kulesi sikhumulo sezindiza ezinsukwini ezintathu, kulandela ukuboshwa kwendoda yaseCape Verde ngoLwesihlanu ebusuku.

Bobabili kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngamacala okushushumbisa nokudayisa izidakamizwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...