Owesifazane usolwa 'ngokudayisa' umshana

2013-01-18 10:03

Cape Town - Osebenza ngokudayisa umzimba uvele eNkantolo yeMantshi yase-Atlantis ngezinsolo zokuvumela owesilisa ukuthi anukubeze umshana wakhe bese ethola imali, ngokusho kombiko wangoLwesihlanu.

Iphephandaba iDaily Voice libike ukuthi lo wesifazane, 23, uvele kule nkantolo ngoLwesine ngamacala okucija ingane ngezocansi.

Icala lihlehliselwe uJanuwari 25.

Abashushisi bathi lo wesifazane waheha abashana bakhe bamantombazane, abaneminyaka engu-10 nemithathu ubudala, ngenyanga eyedlule.

Umama wabantwana uthi indoda yabe isilinde ngaphansi kwebhuloho no-R200 ukuze ithole ithuba lokubhucabhuca ingane, 10, le enye ibuka.

"Kuthiwa lo wesifazane osolwayo usebenziza isidakamizwa i-tik (methamphetamine)," kusho umama.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Tstorms late. Broken clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-26°C Mostly sunny. Mild. PE: 17-27°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...