Owesifazane ufuna ukunxeshezelwa uMbuso

2011-05-12 10:53
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owesifazane wase-Eastern Cape ufuna ukuhlawulisa uMbuso imali engango-R2.5m emuva kokuthi kwasala isidwedwe emzimbeni wakhe emuva kokuhlinzwa esikhathini esingaphezu konyaka esedlule, kubika iphephandaba iThe Times ngoLwesine.

UZoliswa Quvane, 27, oziphilisa ngokudayisa emgaqweni, wangeniswa esibhedlela iFrere Hospital emuva kokugwazwa ngo-Ephreli 1.

Kwasala isidwedwe esisetshenziselwa ukumoma igazi ngaphakathi kwesibeletho sakhe emuva kokuhlinzwa.

Izinhlungu zazingabekezeleki kangangoba waze wayeka umsebenzi, nokwadala ukuthi angazi ukuthi uzobekani etafuleni njengoba ondla izingane ezimbili.

Yaze yatholakala emuva konyaka imbangela yezinhlungu zikaQuvane, emuva kokuhambela izibhedlela ezahlukene ngaphandle kokuthola usizo.

UQuvane ufuna iFrere Hospital noMnyango wezeMpilo kulesiya sifundazwe umnxephezele ngo-R2.5m okubalwa u-R500 000 womonakalo odalekile, u-R1m wezinhlungu nokuthwala kanzima, u-R50 000 wokungakwazi ukwenza izinto ezimqoka empilweni, u-R250 000 wokunakekelwa kwezempilo kanye no-R236 000 athi wamlahlekela njengemali engenayo.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...