Owe-IFP usefudukele ku-NFP
2013-02-04 08:31
Durban - Iqembu iNational Freedom Party (NFP) lamukele isibalo esingavezwanga samalungu amasha aqhamuka ku-IFP, okubalwa uStanley Dladla eSahlumbe, esifundeni sasoThekela.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi bebebangaki abantu abahambele lo mcimbi, okhulumela i-NFP kuzwelonke uMaliyakhe Shelembe uthe nje bakhiphe izikibha ezingaphezu kuka-2 000.
Umholi weqembu uZanele Magwaza-Msibi uthe la malungu amasha ayingxenye yomkhankaso weqembu okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Yize sizobe singenele ukhetho lukazwelonke okokuqala ngonyaka ozayo, ukujoyinwa ngomakadebona kwezepolitiki njengoMnuz Dladla kusinika ithemba," kusho uMagwaza-Msibi esitatimendeni.
UDladla, nongusomabhizinisi nowake waba yiMeya yasoThukela, uthe ufuna ukubeka icala amaphoyisa ukuze anxeshezelwe ngo-R1 million ngokuboshwa kwakhe okungekho emthethweni ngo-2011, esolwa ngokudayisa amadayimane negolide nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ebuzwa ngokuhamba kukaDladla, okhulumela iNkatha Freedom Party uJoshua Mazibuko uthe kuyilungelo lakhe, njengoba i-IFP ingavimbi muntu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness