Owe-DA ugxeke uMotshekga we-ANC

2012-10-31 10:10
Yabelani Shicilela

Cape Town - USotswebhu weDA, uWatty Watson usegxeke uSotswebhu we-ANC, uMathole Motshekga, ngomcimbi odle iPhalamende u-R2.1 million, kusho umbiko ngoLwesithathu.

ICape Times ibike ukuthi uWatson usola uMotshekga ngokuxhaphaza iPhalamende ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe zepolitiki, wabiza ingqungquthela ebibanjelwe eGood Hope Centre ngoLwesibili ngokuthi i"Zuma charm offensive".

Uthe uzobhalela uSomlomo wePhalamende uMax Sisulu ngenhloso yokuthola ukuthi imali efakwe ekwenzeni lo mcimbi iqhamuke kanjani.

UWatson utshele iphephandaba ukuthi kusetshenziswe u-R715 930 kuthuthwa izihambeli kwasetshenziswa no-R438 500 ezidlweni.

UMengameli uJacob Zuma ubeyisikhulumi esiphambili kulo mcimbi othanyelwe abantu abalinganiselwa ku-1 500.

Emcimbini, uMotshekga uhalalisele uZuma ngokusebenza kwakhe ngokuzikhadla ekwakheni ubumbano kwezenkolo waphinde wathi "wonke umuntu ufuna ukukubona uthatha ihlandla lesibili njengomengameli we[African National Congress] nowezwe ukuze uqhubeke nomsebenzi omuhle owuqalile."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumenele odubule wabulala intombi

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...