Owe-ANCYL usolwa ngokufuna ukweseka uZuma

2012-11-08 14:02

Johannesburg - Uphiko lwentsha ye-African National Congress eGauteng selugxeke iPhini likaSihlalo walo uSimon Molefe, ngemuva kokuphawula kwakhe athi uMengamelil uJacob Zuma kumele asekwe kuze ezothatha ihlandla lesibili.

"Siyakuqonda ukuthi abantu kanjalo nezinhlaka zinelungelo lokuzwakalisa izimvo zazo, nokho asikubeke kucace ukuthi ukuphawula kukaMolefe akuhlangene nezimvo zophiko lwabantu abasha," kusho isitatimende seYouth League.

Iphephandaba iNew Age labika lathi uMolefe ucele ubuholi be-ANC Youth League esifundazweni ukuthi abuhoxise ukweseka kwabo iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe, ekutheni ahole iqembu.

"Abaningi abasekomidini eliphezulu lophiko banezimvo zabo mayelana nomhlangano wokuqokwa kobuholi, abayisikhombisa beseka uMengameli uZuma," esho etshela iphephandaba.

"UZuma akasiye undlovukayiphikisa, uma enqoba ukhetho kuzokuba khona uzinzo eqenjini."

Uphiko lweqembu eGauteng lukubeke kwacaca ukuthi luphakamisa igama likaMotlanthe ukuthi kube nguye ohola iqembu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...